Baba ngimi phambi kwakho ngiyingane yakho oyikhethileyo mina sayoni sikamoya, baba egameni likamoya, ngiyakhuleka ngonyama yezulu, phakama moya oyingcwele, yehla moya oyingcwele kamoya, ngiyakhothama baba sivulele izulu lika moya oyingcwele.
Baba ngiyakhuleka, sonile shwele,
Baba ngibeka isizwe esinsundu,
Baba ngibeka iningizimu jikelele, baba ngiyashweleza, baba ngiyakhothama, baba ngiyazotha,
Baba yebo ngiyavuma ngaphandle kwakho asiyilutho, baba ngicela wehlise umusa wakho,
Baba silimele, baba konke esikwenzile senziwe ukungazi, baba besikhohliwe ukuthi ungubani,
Baba besicabanga ukuthi intando yethu iyona ezofezeka, sixolele baba ngiyashweleza,
Baba ngiyavuma impi akuyona eyethu, sonile baba, ngicela usithelele thina sizwe esinsundu,
Baba ngikhulekela indlala esimeni sengane ensundu ezweni lakho,
Baba ngikhulekela indlala ebanga ulaka ezinganeni zakho,
Baba silambile, silambele inkululeko ngaphansi kwesimo sombala wethu,
Baba ngiyabonga wonke amaqhawe alwela inkululeko ngaphansi kwesimo sombala wethu,
Baba ngicela wehlise ilanga elilotshiwe lokugubha umkhosi wenkululeko yombala wethu,
Baba ngivumile, sengixolile, ngicela usilwele ngendlela yakho, kwanele baba ngiyashweleza,
Baba ngicela ukuthula, uxolo, nokuzwana ezweni lakho ngaphansi kwesimo sombala wethu,
Baba ngicela uphelise wonke amabandla mbumbulu, ngicela izinkonzo ezilotshiwe,
Baba ngikhulekela itestamente elilotshiwe kwezenkolo,
Baba ngicela usambulele endlela yokugubha usuku lokuzalwa lwethu, baba sididekile,
Baba ngicela usambulele ukuthi kusho ukuthini ukuqoka umbala omnyama,
Baba ngicela usambulele ukuthi unyaka omusha siwugubha nini siwumbala onsundu,
Baba ngicela usambulele ukubaluleka kwabaphansi siwumbala onsundu,
Baba ngicela usambulele usiko lamaqhawe afela inkululeko batshelwe ngoxolo lonyaka ka 1994,
Baba ngicela usambulele indlela ekumele sikhuleke ngayo, baba kungani ungayizwa imikhuleko,
Baba ngicela usambulele ngomakhelwane,
Baba ngicela usambulele ngobaba wethu osezulwini,
Baba ngicela usambulele ngegama elithi nkulunkulu,
Baba ngicela usambulele ngensindiso, kusho ukuthini ukusindiswa, baba sididekile,
Baba ngicela usambulele ngayo yonke imikhuleko esesiyikhuleka namhlanje, baba siyithathaphi,
Baba ngicela usambulele ngo nhlonipha iyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni,
Baba ngicela usambulele ngeshumi ezinkozweni, baba liyini ishumu uma abazali bethu basendlaleni,
Baba ngicela usambulele ngephasika, ngosuku lwabathandani, ngo lwabesifazane, ngo khisimusi,
Baba ngicela usambulele ngesifo, baba ngiyavuma siyilahlile inhlonipho namasiko ethu,
Baba ngicela usambulele ngokubaluleka kwenyanga yabalele, ukuvakashela abalele baba,
Baba ngicela usambulele ngo shitsho lobulili, baba uthi senzenjani,
Baba ngicela wambulele isizwe kanye nabazali bami ngo uMakhosi base bumyameni, badidekile,
Baba ngicela usambulele ngothando ulungalingani kumzali, baba uthi senzenjani ngezidakamizwa,
Baba ngicela usambulele ngomshado omhlophe, esimeni sombala wethu,
Baba ngicela usambulele ngo baby shower, na ngo kuveza ubulili,
Baba ngicela usambulele ngendodana yakho eyathwala isiphambano, esimeni sombala wethu,
Baba ngikhulekela inhlonipho no uthando ngaphansi kwesimo sombala wethu,
Baba ngicela wehlise uthando lwakho ngaphansi kwesimo sombala wethu,
Baba ngicela wehlise isandla sakho kuzinkundla zokuxumana,
Baba ngicela wehlise isandla sakho ngenkululeko yolwimi lwethu,
Baba umbala wethu sesiphenduke izilwane, baba kungani usivumela sidle inyama,
Baba thina zingane asisamazi ukuthi uyini umzali,
Baba umzali usephenduke ingane, ingane isiphenduke umzali, sithelele baba sonile ngiyazi,
Baba ngicela wehlise amanzi amponjwayo, izingane zethu zilimele esimeni sombala wethu,
Baba ngikhulekela imindeni, baba ngikhulekela ilungelo ngaphansi kwesimo sika mama,
Baba ngicela ubuyise ukuzihlonipha, isimilo, isizotha ngaphansi kwesimo sika mama,
Baba ngicela ulungise indaba kamama isizwe silimele ngendaba kamama,
Baba ngiyabonga ukungithwalisa ijokwe lika mama kwaze kwafika ekugcineni,
Baba ngibonga amandla akho ungiboleka wona, ngibonga isipho ungiboleka sona,
Baba ngiyazotha, ngikhulekela obaba, baba kwenzenjani ngaphansi kwesimo sika baba,
Baba ngicela ubuyise inhlonipho isithweni sika mama sangaphansi, baba sicela obaba basabele,
Baba ngikhulekela isidima ngaphansi kwesimo sesintu sethu, nobuntu bethu, baba kwenzenjani,
Baba ngikhulekela okuyena okhethiweyo ubaba olotshelwe ukuthwala ijokwe lika baba,
Baba ngicela amazi ukuthi uyini mama ezweni, nokuthi umama uthandwa kanjani ngokwendalo,
Baba ngikhulekela ukubaluleka kwelwimi lethu lomdabu ngaphansi kwesimo sezingane zethu,
Baba ngikhulekela umphathi ngaphansi kwesimo sepolotiki, baba ngicela ungasibuki silimala,
Baba ngikhulekela ubunye kwezepolitiki, baba sikhethele wena ikhaya elilotshiwe kwezepolotiki,
Baba ngikhulekela ikhambi lezifo ezisihaqile ngaphansi kwesimo sabalaphi bendabuko,
Baba ngicela uphelise konke okwelapha mbumbulu, ngaphansi kwesimo sabalaphi bendabuko,
Baba ngicela wehlise umusa kwezemfundo ngaphansi kwesimo sombala wethu, ngiyashweleza baba,
Baba ngikhulekela isidima emishadweni, baba liyini ilobolo ekuhlanganiseni imindeni,
Baba ngicela wehlise kubuchwepheshe buyasilimaza,
Ngiyacela phakama baba Mvelinqangi, ngithi phakama Qamata, ntate Modimo, uphakeme umoya wezulu emazulwini,
Ngiyabonga baba livulekile izulu, ngiyabonga ezidalweni zezulu, ngiyabonga moya wezulu, ngiyabonga moya oyingcwele, ngiyabonga usendlalele moya oyingcwele wezulu, ngiyabonga baba, Amen.